Indlela yokufaka (i-IME)

Izihleli zendlela yokufaka (ama-IME) zishintsha ukucindezelwa kokhiye kube izinhlamvu ngolunye ulimi. Sinikezela ngenombolo yama-IME. Kuzame.

Ukuze usebenzise i-IME, isinyathelo sokuqala ukuba unike amandla amathuluzi wokufaka. Landela iziqondiso ukuze unike amandla amathuluzi wokufaka ku-Usesho, i-Gmail, i-Google Drayivu, i-Youtube, i-Translate, i-Chrome ne-Chrome OS.

I-IME imelelwa uhlamvu kusuka kulimi, njenge-.Chofoza isithonjana ukuze uguqule ngokuvula/uvale i-IME yamanje, noma chofoza umcibhisholo oseduze kwayo ukuze ukhethe elinye ithuluzi lokufaka. Uma i-IME iguqulwe yavulwa, inkinobho iba mpunga obumnyama .

Ama-IME wesi-Latin

Ama-IME wesi-Latin ahlose ukusiza abantu ukuthi bathayiphe izilimi zesikripthi sesi-Latin (isb., isi-French, German, Spanish, Portuguese, Italian nesi-Dutch) usebenzisa ikhibhodi yase-US. Izici zifaka izimpawu ezisibekele amagama ezizenzakalela, ukulungiswa kwesipelingi, nokuqedelelwa kwesiqalo.

Ukuze usebenzise ama-IME wesi-Latin, thayipha amaletha we-unaccented, igama elilungile elinama-diacritic lizophakanyiswa. Ngokwesibonelo, ngesi-French, njengoba uthayipha u-‘franca’, uzobona ikhandidethi lokuqedelela isiqalo.

Cindezela ku-TAB ukuze uhambise ikhandidethi elingu-“français”. Ngalesi sikhathi, cindezela ku-SPACE/ENTER ukuze uhambise umbhalo womthombo i-“franca”.

Ngenkathi uqhubeka uthayipha i-“francais”, ikhandidethi kusiteji liba yikhandidethi elizenzakalelayo le-diacritic. Cindezela ku-SPACE/ENTER ukuze uhambise ikhandidethi elingu-“français”.

Ukuze ulande amakhandidethi amaningi, cindezela i-BACKSPACE, uzobe ke usubona wonke amakhandidethi.

Ikhandidethi lokuqala yikhandidethi elinokuzithemba okukhulu le-diacritic ezenzakalelayo, ezibekwa obala ngokuzenzakalela. Ikhandidethi lesibili umbhalo womthombo. Ikhandidethi lesithathu nelesine ngamakhandidethi wokuqedelela isiqalo. Amakhandidethi wesihlanu nesithupha amakhandidethi wokulungiswa isipelingi.

Ukuze ukhethe igama kusukela kumakhandidethi amaningi, yenza noma yisiphi izenzo kulezi ezilandelayo:

  • Cindezela ku-SPACE/ENTER ukuze ukhethe ikhandidethi elibekwe obala,
  • Chofoza kuyo,
  • Thayipha inombolo eduze kwegama,
  • Zulazula kuhlu lwamakhandidethi kukhasi ngokhiye ku-UP/DOWN. Dlulisa amakhasi ngokhiye be-UP/DOWN.