I-Google Drayivu/Amadokhumenti
Hlola ividiyo ngezansi ukuze ufunde ngokushesha ukuthi unganika amandla kanjani amathuluzi wokufaka ku-Google Drayivu/Amadokhumenti.
Kukhona izindlela ezintathu zokunika amandla amathuluzi wokufaka ku-Google Drayivu:
- Shintshela ukulungiselelwa kolimi lomsebenzisi kulimi ongathanda ukulithayipha. Ukuze wenze lokhu, landela lemilayezo.
- Shintshela ukulungiselelwa kolimi kwedokhumenti kulimi ongathanda ukulithayipha. Ukuze wenze lokhu, dala idokhumenti entsha noma uvule idokhumenti esivele ikhona. Hamba kufayela → Ulimi. Bese, ukhetha ulimi ongathanda ukulisebenzisa.
- Nika amandla amathuluzi wokufaka ku-Gmail.
Uma amathuluzi wokufaka anikwe amandla, uzobona isithonjana kuhlangothi olungakwesokudla (noma kuhlangothi olungakwesokunxele kukhasi le-RTL) lebha yamathuluzi.
Iziqephu zendatshana ezihlobene zendlela ongasebenzisa ngayo amathuluzi wokufaka ngawodwana:
- Ungasebenzisa kanjani ukuguqulwa kwamaletha
- Ungasebenzisa kanjani indlela yokufaka (i-IME)
- Ungasebenzisa kanjani ikhibhodi ebonakalayo
- Ungasebenzisa kanjani ukubhala ngesandla
Okuhlobene okubhalwe kwibhulogi ye-Google:
Amathuluzi
wokufaka